Masibumbane

MASIBUMBANE

Itafula | Sunday, 19h00 - 21h00

uMasibumbane inhlangano yabalaleli bomsakazo Ikhwezi FM eyaqala ngonyaka ka-1998. Inhloso yayo ukusabalalisa umsakazo ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kwendawo esiyisakazelayo. Lenhlangano ikhuthaza ukuzwana, ukusizana kanye nokunakekelana kwabantu emphakathini. Amalunga enhlangano azibandakanya kokuningi kokuzithuthukisa empilweni, okubalwa eZolimo, imifelandawonye, ukukhalisana nokududuzana uma kukhona owehlelwe isehlo esibuhlungu. Inhlangano isinamalunga angaphezu kuka-5000 avela emagatsheni angamashumi amahlanu (50). Kukhona indlela yokujoyina kulabo balalaleli bomsakazo abathanda ukuba ngamalunga.